Umasipala wendawo waseMatjhabeng kanye namakomiti ewadi angaphansi kwawo unikezele ngolwazi olubaluleke kakhulu kanye nezifundo okwakhelwe kuzo leli bhukwana. Umeluleki wase-Australia, uNksz Pauline Peel, usebenze ngokubambisana nesikhulu esingumxhumanisi womphakathi esivela kumasipala umnu. George Moahloli, kanye nesikhulumi somasipala, umnu. TV Matsepe, amasonto ayishumi ukuthola ukuthi hlobo luni lwezinto ezingandisa ukuzibandakanya komphakathi ngokusebenzisa amakomiti amawadi. Amalungu amakomiti amawadi nawo ngokwawo abambe iqhaza kulokho okuqukethwe kanye nasekwakhiweni kwaleli bhukwana.
Ngenkathi sethula uhlelo olusha lohumlumeni basekhaya ngo-2000, sakubeka lokhu ngokucacile njengento efanele kuhulumeni futhi ebekwe kahle ukuze inikeze incazelo ezwakalayo nenesisindo ekuzinikeleni kusisekelo sezepolitiki, okokuthi Abantu Bayophatha. Sathi kubantu bakithi, sisonke ngohulumeni basekhaya, sizoletha intando yeningi lapho nihlala khona. Emcabangweni wethu ngohulumeni basekhaya sikubeke phezulu ukubhekana nalezi zinselele eziyisisekelo ezinjengokungathuthuki ngokwenele, ukungasebenzi, ukungaqhubekeli phambili kanye nobuphofu.
Amakomiti wamawadi angaphansi komasipala asanda kwakhiwa adlala indima emqoka ekuzuzeni lokhu okuphawulwe ngenhla. Njengoba beyizinhlaka zomphakathi nabahlali, kumele bazise umasipala ngezifiso, amandla okwenza kanye nezinkinga zabantu. Kumele futhi bakhe ibhuloho ngokuhambisa ukuxhumana phakathi komkhandlu kanye nomphakathi abawumele. Umthetho wohulumeni basekhaya ubhekelele ukusungulwa kwamakomiti amawadi lawo azosebenza njengentambo yokuxhumanisa eyethulela abantu uhlelo lwethu lokusebenza kukahulumeni. Amakomiti amawadi anendima ebalulekile ekubambeni iqhaza kanye nasekunqumeni ngohlelo lukamasipala oluyisisekelo, njengoHlelo lokuThuthukisa oluHlanganisile, ukuhanjiswa kwezimali zomasipala kanye nohlelo lokuphathwa kokusebenza komasipala. Ngaphandle kwawo, uhlelo lwethu lukahulumeni wentando yeningi kanye nohulumeni basekhaya abathuthukayo akusoze kwathathwa njengento ezinze ebantwini.
Amakomiti amawadi asungulwe kumawadi angaphezulu kwangama-80%. La makomiti amawadi anamandla okusebenza ahlukehlukeneyo. Ngokubheka ezingeni lokusebenza kwala makomiti amawadi kanye nomsebenzi wokusungula ukulingana kulawo asele, sizokwandisa lokho okutholwa ngabahlali ukuba kufinyelela nasebantwini bakithi abaningi.
Leli bhukwana lihlose ukuhlinzeka ukusikisela okubambekayo, imibono ezwakalayo kanye nosizo lokuhanjiswa kwamakomiti amawadi. Imiphakathi izokwazi ukubamba iqhaza kakhulu kuzinqumo zoMkhandlu uma la makomiti amawadi asebenza ngokuyimpumelelo.
Isinyathelo 17 Luyini uhlelo Lwentuthuko oluhlanganisile?
Isingeniso kumele sibandakanyane ngendlela efanayo ezindabeni ezahlukahlukene ezisemqoka ezinjengokwenziwa ngcono ekwethulweni kwezinhlelo zokusiza kanye nokuqinisa ohulumeni basekhaya kufaka phakathi amakomiti amawadi.
La makomiti omalunga awo kungabasebenzi nje, adlala indima esemqoka ekuqinisekiseni ukuxhumana okufanele phakathi kwabantu kanye nezikhungo zethu zikahulumeni.
Okubalulekile kakhulu mayelana nalokhu kuzoba yisidingo sokuthi siqinisekise ukuthi amakomiti amawadi ahlangana njalo nokuthi asebenza njengoba bekuhlosiwe.
Leli bhukwana lihlinzekela ngokusikisela okubambekayo, imibono ezwakalayo kanye nosizo lokuhanjiswa kwamakomiti amawadi. Imiphakathi izokwazi ukubamba iqhaza kakhulu kuzinqumo zoMkhandlu uma la makomiti amawadi asebenza ngokuyimpumelelo. Ngakho-ke leli bhukwana ekugcineni lizokwandisa ukubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo okwenziwa ngamakhansela kanye nomasipala. Ibhukwana leli lisungulelwe ukunikeza amakhansela namalungu ekomiti lewadi uchungechunge lwezinyathelo okumele bazithathe lapho besebenza kumawadi abo.
Ibhukwana leli lisungulelwe amakhansela namalungu ekomiti lewadi ukubahlinzekela ngochungechunge lwezinyathelo okumele bazithathe lapho besebenza kumawadi abo.
Ukukhuthaza ukubamba iqhaza kwemiphakathi kanye nezinhlangano zomphakathi ezindabeni zohulumeni basekhaya.
Isexwayiso: Khumbula ngaso sonke isikhathi ukubhekelela izinto izinto eziphathekayo zomasipala kanye newadi lakho lapho usebenzisa imibono kanye nezisikiselo ezinikezwe kuleli bhukwana.
Eminye yemibono echaziwe kungenzeka idinga ukuguqulwa ibuye/noma ibekwe ngenye indlela ukuze ikwazi ukubhekana nesimo esiqondene nesomasipala kanye nesewadi lakho.
Nalu uhlu lokuhlola okumele kwenziwe nosekwenziwe lwezingxenye ezibalulekile zomthetho okhishiwe okumele uziqonde ukuze wazi lokho okumele ukwenze njengelungu lekomiti lewadi. Le mithetho nemihlahlandlela izobuye ikusize ukuqonda izinhlobo zezinto amakomiti amawadi angazenza ukusiza imiphakathi kanye namakhansela wawo.
Ukukusiza ukuzigcina usemzileni walokho okufundile, sebenzisa amabhokisi ukwenza uphawu lapho usuqedile ukufunda.
Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika, 1996 - Isahluko 7 Isigaba 152 - Izikhonzi zohulumeni basekhaya.
Isinqumo esithathwe ngumasipala wakho ekuqaliseni ngohlelo lwamakomiti ewadi.
Ihhovisi lesikhulumi kumasipala wakho lingakunikeza amakhophi ayo yonke imithetho kanye nemihlahlandlela ekhishiwe.
Uma usuthole ikhophi yomqulu ngamunye, ungayingeza kuleli bhukwana.
Inhlso yekomiti lewadi ukwandisa ukuzibandakanya kwentando yeningi kuhulumeni wasekhaya.
Amakomidi amawadi angenye yezindlela okwazi ukuphefumula ngazo kuzinqumo zikahulumeni.
ukuveza udaba olukhathazayo mayelana newadi lendawo ukuya kukhansela lewadi ukuba nezwi kuzinqumo, ekuhleleni nasemisebenzini eyenziwa yikhansela noma ngumasipala ezizoba nomthelela kuwadi.
Ikhansela yewadi ingusihlalo wekomiti lewadi, ngokunjalo liyilungu elibalulekile lekomiti. Ikhansela emela ngokwengxenye elingene igunyazwa ngumkhandlu ukudlala indima ekwesekeni ikhansela yewadi ewadini lelo.
Amakomiti ewadi ukwenabisa ukubamba iqhaza kwabahli bendawo ekuthathweni kwezinqumo kumasipala, njengoba kuyibona abanokuxhumana nomkhandlu ngendlela eqondile noma neyehlukile bangabameli bewadi yendawo abeseki qembu kwezepolitiki kumele babambe iqhaza odabeni olunjengohlelo lokuhlelela intithuko ehlanganisayo, ukuphathwa kokusebenza kukamasipala, uhlelo lwezimali lonyaka, imisebenzi yomkhandlu kanye neminye imisebenzi nezinhlelo ezisemqoka njengoba zonke lezi zinto zinomthelela ebantwini bendawo ukubona nokuqalisa imisebenzi ngenhloso yokwenza ngcono izimpilo zabantu ewadini angeseka ikhansela ekusombululweni kwezinkinga, ukunikeza ulwazi ngokusebenza kukamasipala angabheka ukusebenza kukamasipala abuye aphakamise udaba olukhathaza amawadi wendawo angasiza emikhankasweni yokuqhwashisa umphakathi, isib. inkunkuma, amanzi kanye nenyendle, ukukhokhelwa kwezinsiza njengoba amalunga azi imiphakathi yawo kanye nezidingo zawo.
Khumbula ukuthi ikhansela lewadi kumele lenze kulingane lokho okulindelwe yiwadi lakhe kanye nalokho okulindelwe yinhlangano yalo yezepolitiki. Lokhu kwenza indima yalo ibe ngebucayi. Kubalulekile ukuthi ukwazi lokhu, futhi ucaciseleke ngendima yekhansela ukuze uzokwazi ukuza nendlela enhle yokuveza imibono yakho kukomiti. Uma indima yekhansela icacile, uzokwazi ukugwema ukuqhudelana kanye nokuxabana nalowo muntu okuleso sikhundla.
Ikhansela ebekwe ngokwesilinganiso inikezwa iwadi bese inikeza ukweseka kukhansela lewadi ngezindaba ezithinta iwadi noma ikomiti lewadi. Ikhansela ebekwe ngokwesilinganiso ingabhekana nemibuzo nezikhalazo ngokubambisana nekhansela lewadi.
Ikhansela elibekwe ngokwesilinganiso kumele lihambele imihlangano yekomiti lewadi, imihlangano yabalandeli kanye nemihlangano eyisipesheli lingasiza ekuxazululeni kokungezwani kanye nokudlulisela udaba oluthile lingasiza ngokwenziwa kwemisebenzi lesekela ikhansela lewadi, kodwa alimi esikhundleni sekhansela lewadi.
Umbuzo: Ingabe ikhansela lewadi lingakwazi yini ukuthuma ikhansela elikhethwe ngokwesilinganiso ukuba Ukuba nguSihlalo ngesikhathi ikhansela lewadi lingekho?
Impendulo: Yebo - ikhansela lewadi lingathuma ikhansela elikhethwe ngokwesilinganiso ukuba ngusihlalo womhlangano ngesikhathi lona lingekho, lokhu likwenza ngokubam libhale phansi. Akukho kuhlomula okusemthethweni okunikezwa iphini likasihlalo ngokuya ngalo mthetho.
Amalungu ekomiti lewadi akhethwa yiwadi yawo ukuba amele imibono yabantu. Adlala indima ebalulekile emphakathini.
Indima yamalungu ukweluleka ikhansela ekukhombeni izidingo nezikhalazo zewadi, kanye nokuzidlulisela emkhandlwini ukuba ngobamba iqhaza ngokunobukhuphe ekomitini lewadi kanye nokwemukela imisebenzi efana nokuphatha noma leyo ndawo ethandwayo ukusiza ikhansela lewadi ekwaziseni umphakathi ngamalungelo awo kanye nangamalungelo awo okusebenza njengeqembu kanye nokukhuluma ngezwi elilodwa ukubamba izihlalo eziphezulu ekomitini isib.
ukusiza ikhansela lewadi ekuhlanganeni nabantu abanentshisekelo yodaba oluthile, kanye nokusebenza nalabo ababambisene emphakathini ukuze kufezeke umsebenzi wekomidi lewadi ukubamba iqhaza emsebenzini womphakathi isib. imingcwabo kanye nemicimbi yamasiko. Lokhu kubalulekile njengoba kukhombisa ukuthi uyawunakekela umphakathi futhi uyaziqonda izinto ezithinta umphakathi.
Umbuzo: Ingabe kukhona yini ukuqeqeshwa kwamalungu ekomiti lewadi kanye nokwamakhansela ewadi?
Impendulo: Yebo. Umasipala wakho kumele anikezele ngokuqeqeshelwa ukumiswa kuwo wonke amalungu ekomiti lewadi abuye assize ekuhlelweni kokuqeqesha, kufaka phakathi amakhono okuba ngunobhala, ukubhalwa kombiko, ukusonjululwa kokungezwani, ukuphatha, imisebenzi kamasipala kanye nokuhanjiswa kwezimali.
Umbuzo: Ingabe amakomiti amawadi kumele aziphendulele kuzinhlangano zawo zezepolitiki yini?
Impendulo: Cha. Amakomiti amawadi azimele ngokwawo awancikile kuzinhlangano zezepolitiki. Lokhu kunjalo ngokomthetho.
Umbuzo: Ingabe izinqumo ezithathwa yikomiti lewadi zingeziwubophayo umkhandlu?
Impendulo: Cha. Izinqumo ezithathwa ngamakomiti ewadi akuzona ezibopha umkhandlu noma umasipala ngokomthetho. Nakuba kunjalo, ngenxa yokuzinikela ekubambeni iqhaza emphakathini, imibono yamakomiti ewadi izobhekelelwa ngelibukhali iliso.
Umbuzo: Ingabe amalungu ekomiti lewadi ayakhokhelwa umsebenzi awenzayo?
Impendulo: Cha. Akukho nkokhelo ayithola ngenxa yokwenza imisebenzi, kodwa kukhona imali ethile ekhokhelwa izindleko angene kuzo isib.
Impendulo: Cha. Izindaba ezivezwa yikomiti lewadi kumele zidlule kukhansela lewadi okuwuyena ozozidlulisela ehhovisi lesikhulumi.
Umbuzo: Kwenzekani uma ikhansela lewadi lingatsheli ihhovisi lesikhulumi lokho ikomiti lewadi elifuna ukuba ihhovisi lesikhulumi likwazi?
Impendulo: esimweni esinjalo ikomiti lewadi linganquma ukukhuluma ngqo nehhovisi lesikhulumi mayelana nokungabiko kokwesekwa okuvela kukhansela lewadi. Isikhulumi sizobese sikhuluma nekhansela lewadi ngalokhu bese siqinisekisa ukuthi ikhansela liyayiqonda indima yalo ekwaziseni isikhulumi nangezinto ezithintwe yikomiti lewadi.
Umbuzo: Ingabe amakomiti amawadi ayiyona ndlela kuphela yokuba umphakathi uveze uvo lwawo ekuthathweni kwezinqumo okwenziwa ngumkhandlu?
Impendulo: Cha. Kuzobuye kube namanye amathuba isib. izinkulumo zomphakathi ezithinta izindaba ezahlukahlukene, njengohlelo lwezimali lonyaka. Amakomiti ewadi kumele aqinisekise ukuthi abahlali bewadi yawo bayaziswa nabo ngala mathuba.
Umbuzo: Ingabe amakomiti amawadi angazibandakanya emicimbini enjengokuphathwa kwemibuzo kanye nezikhalazo, noma ingxabano phakathi kwamalungu omphakathi?
Impendulo: Yebo. Amakomiti amawadi angadlala indima esemqoka ekusizeni ikhansela lewadi ekuxazululeni ukungezwani, noma ekuphenduleni imibuzo, njengoba amalungu ekomiti lewadi avame ukuba nolwazi olunzulu mayelana nokuqonda izindaba ezibucayi ezithinta umphakathi.
Ihhovisi lesikhulumi kanye nekhansela lendawo badlala indima lapha. Kungumsebenzi wekhansela lewadi ukubiza umhlangano lapho kuzokhethwa khona amalungu ekomiti lewadi. Umhlangano lowo ubizwa 'umhlangano wabalandeli'. Ihhovisi lesikhulumi yilona elizophatha ukhetho ukuqinisekisa ukuthi aluchemi.
Amakomiti ewadi angaba namalungi athi awabe yi-10. Nalu uhlu lokubheka izinto okumele zenziwe lapho kulungiselelwa ukukhethwa kwamalungu ekomiti lewadi.
Ikhansela lewadi kumele lisebenzisane nehhovisi lesikhulumi ukuthola ngosuku olufanele ukuthi kubanjwe umhlangano wokukhetha amalungu ekomiti lewadi ukunquma usuku, isikhathi nendawo lapho kuzobanjelwa khona umhlangano liqinisekise ukuthi amalungu omphakathi azofinyelela kuleyo ndawo isib. kuzodingeka ukuba abanye bahlinzekelwe ngezinto zokuhamba. Kokunye kubekwe indawo ezoba seduze kwabaningi. Kumele kubuye kucatshangelwe labo Bantu abagulayo noma abakhubazekile; ingabe indawo leyo iyafinyeleleka kuwo wonke umuntu?
liqinisekise ukuthi izihlalo zihlelwa kahle endaweni yomhlangano ikakhulukazi kubhekelwe abantu asebekhulile lazise wonke umuntu (abalandeli) ngosuku, isikhathi, indawo nenhloso yomhlangano: libhekelele ukuphanyekwa kwezaziso emtatshweni wezincwadi wendawo, emtholampilo nasezikoleni, ukushicilela isaziso ephephandabeni lendawo kanye nokusebenzisa izindlela zokuthunyelwa kwezaziso ezisetshenziswa ngumphakathi okuyisiteshi somsakazo wendawo. Ihhovisi lesikhulumikumele lihlinzekele ngezimali zokukhishwa kwezaziso liqinisekise ukuthi liyalwazi uhlelo lokuhanjiswa kokhetho olusetshenziswa ngumasipala okethweni. Ihhovisi lesikhulumi lizohambisa ukhetho kodwa ikhansela lendawo kanye namalungu ekomiti lewadi kumele alwazi uhlelo lihlele umhumushi uma kunesidingo.
Manje sekuyisikhathi sehhovisi lesikhulumi, elizokwenza lokhu okulandelayo ukuqinisekisa ukuthi kukhona uhlu lokubhalisa abakhona emhlanganweni wabalandeli nokuthi liyasindwa ukuze kubhekwe uhlelo lokukhetha ukuchaza ngezindima nemisebenzi yamakomiti ewadi kanye namalungu awo emhlanganweni ukuchaza uhlelo lokukhetha kulabo ababamba iqhaza. Umthetho ubhekelela uhlangothi lokukhethwa kwamalungu ngokwendawo noma kwengxenye ngokwenhlalo, isib. amalungu kumele amele iqembu elithanda lokuthile, njengabantu abasebasha, noma izindaba zezempilo. Ikomiti kumele okungenani liqukathe abesifazane abangama-50% abangamalungu. Umasipala ngamunye uzonquma ngenqubomgomo yawo kuye ngokukhetha ngalokho ekukhethile.
ukumemezela abazomela ukhetho lwamalungu ekomiti kanye nalabo abeseka labo abaphakanyisiwe ukubala amavoti kanye nokumemezela umphumela ukuqinisekisa ukuthi abaphakanyiselwe ukhetho kanye nababesekile basayinda amafomu afanele ukuqinisekisa ukuthi amalungu ekomiti lewadi akhethiwe ayaziqonda izindima zawo kanye nemisebenzi yawo bese esayinda amafomu afanele.
Isisikiselo esibambekayo sekhansela lewadi - biza umhlangano wokuqala wekomiti lewadi elikhethiwe ngaphambi kokuba amalungu aphumel emhlanganweni wabalandeli. Kunzima ngaso sonke isikhathi ukubiza umhlangano nabantu abaningi, ikakhulukazi uma kumele uxhumane nomuntu ngamunye. Kungani ungasebenzisi lelo thuba ngenkathi bekhona kulo mhlangano bese ubiza olandelayo?
Umbuzo: Ingabe ikhona imigudu ebekiwe yokugcwalisa izikhala ezikhona kumakomiti ewadi?
Umbuzo: Ingabe zikhona yini izimo lapho ilungu lekomiti lewadi lingasuswa khona?
Impendulo: Yebo. Uma ilungu lingezanga emihlanganweni emithathu noma ngaphezulu ilandelana ngaphandle kokunikwa ilivu, noma ngokunikwa ilivu ukusukela emihlanganweni elandelanayo eyisithupha nangaphezulu, lelo lungu lingasuswa esikhundleni.
Umbuzo: Kwenzekani uma ilungu lekomiti lewadi liya kohlala kwenye indawo?
Impendulo: Ilungu lelo kumele lesule, njengoba kumele libe ngumvoti ewadini ukuze libe sekomitini lewadi.
Uma wonke amalungu ekomiti lewadi asakhethiwe, kumele ahambele uhlelo lokuqeqeshelwa ukubekwa. Njengosihlalo wekomiti lewadi, ikhansela lewadi nalo kumele libe khona.
Nakhu ozokufunda ngesikhathi sokuqeqeshelwa ukubekwa uzofunda ngokushaywa komthetho ohambisana namakomiti ewadi afanele. Uma ungawazi lo mthetho, ungagcina sewenza izinto ezingekho emthethweni uzothola ngemithetho nemibandela ekhona ezokusiza ukwazi kabanzi ngemisebenzi yamakomiti ewadi uzothola ngokuthi umkhandlu usebenza kanjani uzothola ngokuhanjiswa komhlangano, okuyinto ebalulekile ekukwazini ukuzibandakanya ngokuyimpumelelo emhlanganweni uzothola ngendlela yokuziphatha kwamalungu ekomiti lewadi okuzoqondisa ukuziphatha kwakho njengelungu lekomiti lewadi uzothola ngamandla nemisebenzi yamakomiti ewadi. Lokhu kubalulekile ukukusiza ukwazi kahle indima yakho njengelungu lekomiti lewadi nizothola ithuba lokwazana ukuze nikwazi ukwakha iqembu elinempumelelo.
Nalu uhlu lokubheka olwenzelwe ukusiza ikhansela lewadi, njengosihlalo wekomiti lewadi, ekulungiseleleni umhlangano wokuqala. Uma ikomiti selihlangene lakhetha unobhala, lowo muntu uzosiza ikhansela ekuphatheni indima yokuba 'ngusihlalo'. Uma ikhansela lewadi lihlela kahle izinto zalo njengosihlalo, kuzoba lula ukuninikezela ngezibophezelo nemisebenzi kumanye amalungu ekomiti, kanti futhi umhlangano wonke uzohamba ngaphandle kwezihibe.
Ingabe usuyibonile wabuye wafaka isicelo sendawo lapho kuzobanjelwa khona njalo umhlangano wekomiti lewadi Khumbula ukuthi le ndawo kumele kube yindawo yomphakathi kungabi yindawo yangasese njengendawo yokuhlala. Leyo akuyona indawo edingekile ukuya ngokomthetho?
Ingabe usulwenziwe uhlu oluwuhlaka lohlelo lonyaka lomhlangano, okuwuhlu lwayo yonke imihlangano yonyaka oluqukethe izinsuku, izikhathi kanye nezindawo Lolu hlu kumele lufake phakathi imihlangano yekomiti lewadi kanye nemihlangano yabalandeli kanti futhi luyasiza ekwenzeni amalungu ekomiti lewadi ukuba ahlele isikhathi sawo onyakeni wonke?
Ingabe usutholile yonke imininingwane yolwazi oluvela ehhovisi lesikhulumi Lokhu kumele kufake phakathi umthetho kanye nezimiso ezifanele, kuhlanganisa nezidingo kanye nohlu oluwuhlaka, njengencwadi yohlu lwalabo abebekhona?
Ingabe usulwenzile uhlu lwemisebenzi (noma izindawo ezithile zomsebenzi) okumele kuxoxwe ngazo namakomiti ewadi?
Ingabe usulubhekile usuku lomhlangano ukuze kuthuthukiswe uhlelo lwemicimbi yonyaka wonke Bheka isinyathelo 14 esicahza kabanzi ngokuthi lungenziwa kanjani uhlelo lonyaka wonke?
Umbuzo: Hlobo luni lwemihlangano okumele ibizwe noma ibanjwe amakomiti ewadi?
Impendulo: Kuzoba nezinhlobo ezinthathu ezisemqoka zemihlangano okulindeleke ukuba amakomiti ewadi azihlele. Le mihlangano izobekwa ngokuvunyelwa yikhansela lewadi.
Imihlangano yekomiti lewadi - lena yimihlangano evamile yamalungu ekomiti lewadi. Kumele ibanjwe njalo ukusiza ikomiti lewadi lihlele ngokuyimpumelelo. Kumele ibanjwe okungenani izikhathi eziyisithupha onyakeni. Eminye imihlangano evamile, njengemihlangano yenyanga kugqugquzelwa ukuba ibe khona ukuze amakomiti ewadi abe nethuba elanele lokubheka ezintweni ezahlukahlukene abadinga ukuzeznza.
Imihlangano yabalandeli - Lena yimihlangano ephakathi kwekhansela lewadi kanye nabalandeli, okungabahlali. Le mihlangano izosiza ikhansela lewadi ekuqondeni izidingo zomphakathi. Izikhathi zomhlangano wabalandeli kumele zibekwe isikhathi sisesekhona njengohlelo lohlu lokuhlelela unyaka wonke. Lawa ngamathuba wokumema izikhulu zomasipala noma abaholi bezepolitiki ukuze bazokhuluma nabalandeli ngezindaba ezithinta umphakathi, noma ukuhlinzekela ngolwazi olumayelana nokuthi usebenza kanjani umasipala.
Imihlangano eyisipesheli - le mihlangano ingabizwa uma kukhona isidingo, isib. uma kunodaba oluthile olubalulekile umphakathi okhathazekile ngalo futhi ofuna ukuba luxoxwe nekhansela kanye nomasipala.
Ngokubambisana neqembu, xoxani nivumelane ngemithetho yokuziphatha emhlanganweni, kufaka phakathi isidingo sokugcinwa kwemfihlo. Kwesinye isikhathi, kuzodingiswa izindaba ezibucayi kumakomiti ewadi. Wonke amalungu kumele eze abuye avumelane ngezindlela zokudlulisela lezi zindaba kubalandeli.
Beka umhlangano wokwenza uhlu lonyka lokusebenza.
Nikezela ngemisebenzi isib. ezezindlu, ezempilo nezekuhlalisana, ukuthuthukiswa komnotho wendawo. 'Umsebenzi' kusho umsebenzi oyisibophezelo, onikezelwe kumuntu oyedwa, ozobika, aqonde, azise futhi asebenze engxenyeni ethile anikezelwe yona noma ayithandayo.
Unobhala wekomiti lewadi ubhekene nale misebenzi ukusiza ekuhleleni I-ajenda - unobhala kumele acele amalungu ekomiti lewadi ngezindaba amalungu afuna zifakwe ku-ajenda yayo yonke imihlangano ukuxoxa nge-ajenda nosihlalo ukuze kuvunyelwane ngalokho okuqukethwe ngaphambi kokuba idluliselwe kwamanye amalungu. Khumbula, usihlalo wekomiti yikhansela lewadi ngakho-ke uyena onezwi lokugcina ngalokho okumele kube ku-ajenda kulandela ukuvunywa kwe-ajenda, ukunikezela ngayo kumalungu ekomiti lewadi ngaphambi komhlangano ukuthatha amaminithi ayo yonke imihlangano ebizwe ngusihlalo kanye nekomiti lewadi. 'Amaminithi' awumbiko nje kuphela walokho obekwenzeka emhlanganweni; avame ukubandakanya izingxoxo ezithile ezimayelana nodaba oluthile, izinqumo ezithethwe yikomiti kanye nezinto okumele zenziwa ukuqinisekisa ukuthi lokho kuyenziwa ukuqinisekisa ukuthi amaminithi anikezwa amalungu, nokuthi afakwa kufayela bese egcinwa endaweni ephephile. Khumbula, amaminithi awumbiko osemthethweni womhlangano, ngakho-ke kubalulekile ukuthi abekwe endaweni ephephile. Abantu bavame ukubuyela emuva kumaminithi omhlangano ukuze babheke izinqumo ezathathwa.
Hlinzekela unobhala ngolwazi olutholakala kuleli bhukwana mayelana nendima kanobhala, ukuhanjiswa komhlangano kanye nekhophi yohlu lwe-ajenda.
Yazisa ngesikhathi nendawo okuzobanjelwa kuyo umhlangano kusenesikhathi.
Lungisa I-ajenda ngaphambi komhlangano. Lokhu kungumsebenzi kasihlalo nonobhala. Bheka Isinyathelo 10 mayelana nendima kanobhala.
Nikezea amalungu ekomiti I-ajenda ngaphambi komhlangano ukuze bazi ukuthi umhlangano uzobe ungani bese bezilungiselela.
Usihlalo uzovula umhlangano bese elandela amaphuzu aku-ajenda ngokulandelana kwawo.
Bhala phansi abaxolisile ukusukela kulabo abangakwazanga ukuza. Amalungu ekomiti kumele azise yinoma ngubani kumalungu ekomiti uma angezukwazi ukuza emhlanganweni. Lokhu kwaziwa njengokwethula isixoliso.
Ngena emaminithini - bheka ukuthi ayiqiniso lalokho okwakwenzeka emhlanganweni odlule.
Okuvuka kumaminithi omhlangano odlule - le ayithemu ihlanganisa izindaba ezathintwa emhlanganweni odlule okumele amalungu ekomiti ethule umbiko ngazo.
Ukuxhumana - lezi yizincwadi eziya kukomiti noma izincwadi ezithunyelwa yikomiti.
Amanye ama-ayithemu ku-ajenda isib. I-IDP, uhlelo lwezimali zikamasipala, ukuphathwa kokusebenza kukamasipala, imisebenzi okuhloswe ngayo ukuthuthukisa umnotho wendawo. Ilungu elilodwa lekomiti kumele lethule libuye liqale ingxoxo. Umbiko ungabandakanya ukwethula ngodaba (lumayelana nani, ukubamba kwakho iqhaza, kungani ubambe iqhaza) nokuthi yiziphi izinyathelo ezithethwe kanye nokuthi yini okunye okusadinga ukwenziwa.
Khumbula ukuthi kubalulekile ukuthi wonke amalungu abambe iqhaza emhlanganweni. Usihlalo akumele kube nguyena ungqo shishilizi engxoxweni. Indima kasihlalo ukuhola amalungu kuqhuthsekwe ne-ajenda ukuze kufezeke izinhloso zekomiti. Usihlalo uthi akafane nokhondathi weqembu lomculo kunokuba abe ngoculo yedwa.
Emva kwezingxoxo, usihlalo kumele aqinisekise ukuthi kufinyelelwa esinqumweni esithile, uma kunesidingo, bese omunye enikezwa ijokwe lokwenza olkho okuvunyelenwe ngakho emela ikomiti.
Zama ukuqeda ngesikhathi.
Kuzodingeka ukuba uxhumane nehhovisi lesikhulumi kumasipala wakho ukuze uthole ngezidingo zokubika, kufaka phakathi izinsuku ezingumnqamula juqu zemibiko. Lokhu kuvame ukuba njalo ngenyanga, okuyaye kube ngolwesiHlanu wokugcina enyangeni.
Ihhovisi lesikhulumi lingaba nefomu elenzelwe ukubika. Ifomu elenzelwe ukubika liwumhlahlandlela obhaliwe, noma ifomu, ongaligcwalisa kunokuba uze nelakho elobhalwe ngendlela yakho. Lokhu kuyasiza ngoba usuke usuwazi ukuthi usuthinte konke okudingekayo.
Uma kungekho ifomu elihlelelwe ukubika, nail elinye lamakhasi alandelayo ongalisebenzisa.
Akudingeki ukuba unikeze imininingwane eminingi.
Izindaba eziphakanyiswe ekomitini lewadi, imihlangano yabalandeli noma eyisipesheli - yibale ngezinombolo ngokulandelana kwazo.
Okungaba yizisombululo kanye neziphakamiso - zibale ngezinombolo ngokulandelana kwazo.
Izindaba ezixazululiwe - zibalwe ngezinombolo ngokulandelana kwazo.
Imisebenzi esenziwa nesiphothuliwe - yibale ngezinombolo ngokulandelana kwazo.
Uhlelo lwezinyanga ezintathu ezilandelayo - lubale ngezinombolo ngokulandelana kwazo.
Lokhu kungaba ezinye zezinto zokuqala ikomiti elizenza ndawonye. Kungasiza ukwakha iqembu kungabuye kuzise futhi ekuqondeni kabanzi ngewadi yawo.
Ukwenza uhlu lwemininingwane yewadi kungaba yinto ejabulisayo. Nansi indlela yokukwenza uqale. Khumbula ungaqoqa ulwazi olusemqoka ozoqalisa ngalo bese ungezela kulo ngokuhamba konyaka.
Umasipala angakunikeza ngolwazi olunjengolweminyaka yobudala.
Hlobo luni lwezingqalasizinda ezikhona ewadini?
Yini okunye okwenzekayo emphakathini?
Yenza uhlu lwezinhlangano zomphakathi - laba ngabantu ngabathintekayo ababalulekile ekomitini lewadi. 'Abathintekayo' kuchaza abantu, noma abamele iqembu elithile abanentshisekelo ethile, noma abangongoti, noma ababheke ngokucophelisisa lokho okwenzayo ekomitini lewadi.
Ingabe abasebenzi abathuthukisa umphakathi bakhona yini ewadini lakho?
Bheka abasebenzi abathuthukisa umphakathi ewadini yakho bese uhlangana nabo ukuze uqhathanise izindlela abasebenza ngazo, kufaka phakathi ukuthi ingabe abasebenzela umphakathi ingabe kukhona yini okuthile abangasiza ngakho okwenziwayo noma ukwesekelwa kukanobhala ekomitini yewadi lakho.
Ungasebenzisa lolu hlu ukukusiza ekuhleleni izingxoxo zabathintakayo.
izinhlangano noma izingxoxo zezemidlalo izigungu ezingamele izikole izinhlangano ezibhekene nokuphepha komphakathi izinhlangano zezenkolo izinhlangano zentsha izinhlangano zomasingcwabane izinhlangano zezamabhizinisi izinhlangano zezamasiko isib.
Umbuzo: Kungani kusiza ukwenza uhlu lwemininingwane yewadi?
Impendulo: Njengekhansela lekomiti lewadi, ungakwazi ukuba nempumelelo kuphela uma wazi umphakathi wakho kahle. Khumbula, ulapho ukuzomela iwadi yakho. Ungeze wakwazi ukwenza lokho uma ungazi ukuthi ngobani abahlala ewadini yakho, yini izidingo kanye nezinto ezibathintayo, yini abafuna ikomiti libenzele khona nokuthi yiziphi izakhiwo, imigwaqo kanye nezinye izinto ezikhona ewadini yakho. Lokhu kufaka phakathi ukwazi kabanzi ngezinhlangano zomphakathi wakhokanye 'nezisetshenziswa' ezinjengamabhizinisi endawo kanue namaqembu ezemidlalo. Uzomangala ngalokho ongakuthola.
Umbuzo: Ikomiti lewadi lingalusebenzisa kanjani lolu lwazi?
Impendulo: Ikomiti lewadi lingasebenzisa lolu lwazi ekwenzeni uhlelo lwalo lonyaka wonke. Uzokwazi ukuhlela kangcono futhi ubambe iqhaza ngokuyimpumelelo ezingxoxweni eziphathelene nenqubomgomo yomkhandlu kanye nezinhlelo noma imisebenzi ngoba uzoba wazi kabanzi ngomphakathi wakho ukwedlula wonke umuntu.
Ikomiti lewadi kumele libe nohlu lonyaka olubeka ngokucacile lokho okuyizidingo zalo eziphezulu kanye nalokho elihlose ukukuzuza. Lokhu kuzokusiza ukubona ukuthi ingabe ukuzuzile yini kanye nalokho othe uzokwenza. Kuzobuye kukusize ekubikeni kumasipala, njengoba uzobe ukwazi ukubika inyanga nenyanga ngohlelo lwakho lwalokho ohlose ukukwenza.
Kuwumbono omuhle ukuhlela umhlangano oyisipesheli ngokushesha ukwenza uhlu lwakho lokusebenza lonyaka wonke. Qinisekisa ukuthi uhlelo lwakho luyinto enokwenzeka futhi nezuzekayo.
Ekwenzeni uhlelo lwakho lonyaka ungabhekelela lokhu okulandelayo izinsuku lapho umasipala ezobe ebambe ngazo izingxoxo zokubonisana ongathanda ukubamba iqhaza kuzo njengohlelo lokuthuthukisa okuhlanganisayo (IDP) kanye nokuhanjiswa kwezimali izindaba zomphakathi ezisemqoka Yini okungenziwa yikomiti lewadi ukusiza Kumele ukwenze nini lokhu?
iyiphi imisebenzi ikomiti lewadi elifisa ukuyenza Thatha lezo zinto njengemisebenzi ethuthukisa umnotho wendawo, ukuqeqeshwa kwalabo abanakekela abagulela emakhaya Ingabe singayenza yini lemisebenzi ngokuhlanganyela nezinye izinhlangano zomphakathi?
yiziphi izinkundla zomphakathi, isib. izinhlangano zezempilo, noma zomphakathi ekomiti elifuna ukuba limelwe kuzo?
iziphi izinhlangano zomphakathi noma iminyango kamasipala esifuna ukuyimema ukuze ibe nezokwethula ekomitini lewadi noma emhlanganweni wabalandeli?
yimaphi amalungu ekomiti okumele anikezwe umthwalo wokwenza umsebenzi?
yiziphi izinsuku ezingumnqamula juqu yokuqeda imisebenzi leyo?
yimiphi imisebenzi ephuthumayo noma esemqoka esifuna ukuyenza kuqala Yikuphi okungalinda isikhashana esidana?
Uhlelo kumele lube ngoluguquguqukayo futhi kumele likwazi ukuguqulwa kuye ngesidingo.
Yenza isiqiniseko sokuthi imisebenzi ofuna ukuyenza ixhumene nohlelo lokuthuthukisa okuhlanganisayo. Uma imisebenzi yakho ingahambisani nohlelo lokuthuthukisa okuhlanganisayo, ungathola ukuthi umphakathi awuyifuni, noma umasipala akakwesekeli ekuyenzeni.
Khumbula - uhlelo kumele kube yilolo olunokufezeka. Kungcono ukwenza izinto ezimbalwa kahle kunokuba kwenziwe eziningi ngokungasikahle.
Isinyathelo 16: Umasipala unikeza kuphi ukweseka kumakomiti ewadi?
Ukweseka okunikezwa ngumasipala kuzokwehluka kuye ngezinsiza ezikhona kumasipala. Abanye omasipala banemali eningi kunabanye kanti lokhu kungaphazamisa lokho obowuzokwazi ukukuzuza. Ihhovisi lesikhulumi lingakutshela ukuthi yiziphi izinsiza ezikhona kodwa ake ubheke kulolu hlu lokubheka olungezansi.
Bonke omasipala kudingeka ukuba balungise uhlelo lokuthuthukisa okuhlanganisile (IDP). Lubeka lezo zinto eziphezulu okumele zenziwe endaweni. Uhlelo lokuthuthukisa okuhlanganisile lithatha isikhathi esiyiminyaka emi-5 kanti futhi luyabuyekezwa unyaka nonyaka. Lolu hlelo luqinisekisa ukusetshenziswa kahle kwezinsiza zikamasipala eziyindlala, okuhloswe kukho okuphezulu ohlwini (isib. ukusiza izindawo ezintulayo), ukuthola izimali ezivela kwamanye amazinga kahulumeni, lubuye luqinise ukuzibandakanya komphakathi.
Ingabe amakomiti amawadi angabamba kanjani iqhaza ezinhlelweni zokuthuthukisa okuhlanganisile?
Abamele amakomiti amawadi bangaba senhlanganiswe yabamele uhlelo lokuthuthukisa okuhlanganisile. Le nhlanganiso iyithuba labathintekayo ukuba bamele lokho okufunwa ngabalandeli babo. Le nhlanganiso ihlinzekela ukusungulwa kwezingxoxo, ukubonisana nokuthatha izinqumongokuhlanganyela phakathi komphakathi nomasipala, kuphumelelisa ukuxhumana kubuye kunikeze ithuba lokubheka uhlelo lokuhlela nokwenza kwekomiti lewadi ohlelweni lokuthuthukisa okuhlanganisile.
Ngingalithola kanjani ikhophi lohlelo lokuthuthukisa okuhlanganisile?
Ikhansela lewadi lakho lingaba nalo ikhophi - uma kungenjalo ungaxhumana nehhovisi lomphathi womasipala noma ihhovisi lesikhulumi. Umasipala kumele anikezele ngokuqeqesha mayelana nohlelo lokuthuthukisa okuhlanganisile. Ikomiti lewadi lakho lingathola kabanzi ngalokhu ngokusebenzisa ihhovisi lesikhulumi.
Ukwabiwa kwezimali kuwuhlelo lokuhlela izimali. Kubeka imicimbi ezokwenziwa onyakeni wezimali olandelayo ngokwethula amanani ale micimbi kanye nemvelaphi yemali ezokhokhela izindleko.
Unyaka wezimali womasipala baseNingizimu Afrika uqala mhlaka 1 kuJuni unyaka nonyaka kuze kufike mhlaka 30 kuJulayi wonyaka olandelayo. Umkhandlu kumele uvume lokwabiwa kwezimali ngaphambi kokuba kuqale unyaka wezimali, emva kokuhlela okufanele nokuthintana namakomiti ewadi kanye namanye amaqembu abathintekayo endaweni yangakini. Uma amakomiti amawadi ebamba iqhaza ekunqumeni ukuthi yimalini okumele ichithwe ngumasipala nokuthi kumiphi imisebenzi, lokhu kuzosho ukuthi iwadi lakho lizozuza ngqo.
Onyakeni wonke ukwabiwa kwezimali kuyabhekwa ukuze kubonwe imali engenayo kanye nesebenzile kuqhathaniswe nokwabiwa kwezimali. Isibonelo, uma imali engenayo evela ezimalini ezikhokhwayo nalezo thweswa abantu ingaphansi kwaleyo ebikezelwe, ngalokho imali echithwayo kumele ibe ngaphansi.
Amakomiti amawadi kumele athole ukuthi isikhathi sokusetshenziswa kwemali eyabiwe singakanani kanye nokuthi imihlangano ibanjwa nini. Kumele ubuze futhi ukuthi ingabe kukhona yini ukuqeqeshelwa ukwabiwa kwezimali okunikezwayo okuzokusiza ukuthi ubambe iqhaza ezimalini ngokufanele.
Thola ukuthi ingabe umasipala wakho ulusungulile yini uhlelo lokuphatha ukusebenza.
Ukuhlela: Sebenza ngokubambisana nekhansela lakho kanye nezinye izinhlangano zomphakathi, ukuthola ngezidingo eziphezulu ohlwini bese uqinisekisa ukuthi lezi zidingo ziyafakwa eziphakanyisweni nasezinhlelweni zokwabiwa kwezimali.
Ukulandelela kanye nezimpendulo: Qhubeka nokufuna ukuthola imibiko njalo ngemisebenzi kamasipala kanye nemisebenzi yekomiti lewadi kanye nasemihlanganweni yomphakathi ewadini lakho ukuze ukwazi ukugcina abahlali bazi ngenqubekela phambili kanye/noma ngezinkinga. Yenza iziphakamiso ezakhayo zokuthuthukisa ubuye, uma kunesidingo, uhlele umphakathi uzosiza ekwenzeni imisebenzi.
Ukubuyekezwa kokusebenza onyakeni: umkhandlu kumele ubike njalo kumakomiti amawadi kanye nasemiphakathini ngokuhanjiswa kwezimali zawo kanye nokubuyekezwa kokusebenza, njengengxenye yemihlangano yomphakathi. Ngaphezulu kwalokho, uma ikomiti lakho lingatholi njalo umbiko wokusebenza ovela emkhandlwini wakho, yazisa imeya ukuthi ikomiti lewadi lakho lilindele ukusebenza okungcono kuhulumeni wentando yeningi wasekhaya.
Xhumana nehhovisi lomphathi womasipala ukuze uthole uhlu lwezindlela zokuxhumana bese ulwengeza ebhukwaneni.
Xhumana nehhovisi lomphathi womasipala ukuze uthole uhlu lwemisebenzi kanye nalokho okuqalwa ngumasipala ukwengeza ebhukwaneni.
Ama-ayithemu amasha isib.
Ikomiti lewadi kumele lubike ngohlelo olulandelayo njalo ngenyanga. Lokhu kuzokusiza wazi ukuthi ingabe ukuzuzile yini lokho obukufuna ohlweni lwakho. Kuzobuye kusize ukuba isikhulumi sazi uma ngabe kunezinto okumele sizenze.
Sikhetha Umnu/uNksz njengelunga eligaqele ukhetho ukuba likhethwe njengelungu lekomiti lewadi...
Mina osayinde lapha ngaphansi, Inombolo yomazisi (ID no) ... ohlala e... futhi/noma ngingumvoti obhalise ewadini... ngivuma ukuba ngikhethwe njengelungu eligaqele ukuba likhethwe njengelungu lewadi...
